1 uSamuweli 9:15-27
1 uSamuweli 9:15-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wayemambulele ngayizolo uSamuweli, engakafiki uSawule, wathi: “Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.” USamuweli esembonile uSawule, uSimakade wathi kuye: “Nangu-ke umuntu engikhulume ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ” USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: “Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.” USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukudedela uhambe, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho. Mayelana nezimbongolo zakho ezilahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungabe usayibeka inhliziyo yakho kuzo, ngokuba sezitholakele. Ngokuba libekwe kubani kanti ithemba lika-Israyeli, uma kungekuwe nakubo bonke abendlu kayihlo na?” USawule waphendula wathi: “Angisiye yini owakwaBhenjamini, isizwana esincane ezizwaneni zakwa-Israyeli na? Umndeni wami awumncane yini kuyo yonke imindeni yezizwana zakwaBhenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?” USamuweli wathatha uSawule nenceku yakhe wangena nabo endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni ephambili, phakathi kwababemenyiwe; kwakungamadoda angama-30. USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: ngigcinele sona.” Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokhu ngithe ngimeme abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo lusuku. Sebehlile endaweni ephakemeyo, bangena emzini. USamuweli waxoxa noSawule besophahleni lwendlu. Bavuka ekuseni kuseluvindi, uSamuweli wambiza uSawule ophahleni lwendlu, wathi kuye: “Vuka khona ngizokumukisa.” Wavuka-ke uSawule. Baphuma bobabili baya phandle, uSamuweli noSawule. Kwathi besehlela ngasemaphethelweni omuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Tshela inceku yakho ukuba yedlule ihambe phambi kwethu.” Yase yedlula. “Yima wena ukuze ngikutshele izwi elikhulunywe nguNkulunkulu.”
1 uSamuweli 9:15-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi: “Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.” USamuweli esembonile uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: ‘Lo uyakubusa abantu bami.’ ” USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: “Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.” USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho. Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwa-Israyeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?” USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?” USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu. USamuweli wathi kumpheki: “Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.” Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Nakhu ohlinzekwe ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesi sikhathi, njengalokho ngithe ngimemile abantu.” USawule wayesedla noSamuweli ngalolo suku. Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu. Bavuka ekuseni; kwathi kusantwela, uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: “Vuka ukuba ngikumukise.” Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli. Besehlela ngasekugcineni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu – yadlula-ke – kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.”
1 uSamuweli 9:15-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wamtshela uSamuweli endlebeni yakhe ngosuku olwandulela ukufika kukaSawule, wathi: Kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini, umgcobe abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli, ukuze asindise abantu bami esandleni samaFilisti; ngoba ngikubonile. Lapho uSamuweli ebona uSawule, uJehova wathi kuye: “Nangu umuntu engangikhulume ngaye kuwe! Uyobusa phezu kwabantu bami. USawule wayesefika kuSamuweli esangweni, wathi: “Ngitshele ukuthi iphi indlu yomboni; USamuweli wamphendula uSawule, wathi: “Ngingumboni; khiphani phambi kwami endaweni ephakemeyo; ngoba namuhla uzodla Nami, futhi kusasa ngizokukhulula futhi ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho. Izimbongolo zakho esezikulahlekile ezinsukwini ezintathu ezedlule, ungazinaki; ngoba zatholwa. Futhi phezu kukabani zonke izifiso zika-Israyeli? Akukhona kuwe nakuyo yonke indlu yakho? USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, omncane wezizwe zakwa-Israyeli na? nesizukulwane sami sibe sincane kuzo zonke izizukulwana zesizwe sakwaBenjamini? pho kungani ukhuluma nami kanjalo? USamuweli wayesemthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokuphumula, wabahlalisa endaweni ephakemeyo phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abantu abangamashumi amathathu. USamuweli wasesithi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona, engakutshela ngaso: Sibeke kuwe. Umpheki wathatha ihlombe nalokho okwakuphezu kwalo, wakubeka phansi phambi kukaSawule. USamuweli wathi: “Bheka, okusele; Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kuze kube manje kugcinelwe wena kusukela ngathi: Ngimemile abantu. Ngakho uSawule wadla noSamuweli ngalolo suku. Behla endaweni ephakemeyo beza emzini, uSamuweli wakhuluma kuSawule phezu kwendlu. Basebevuka ekuseni kakhulu, kwathi sekuntsukwini uSamuweli wabiza uSawuli phezu kwendlu, wathi: Vuka, ukuze ngikuyeke uhambe. USawule wayesemqeda, baphuma bobabili, yena noSamuweli. Kwathi behlela ekupheleni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: UNkulunkulu.