1 uSamuweli 16:12-13
1 uSamuweli 16:12-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.” USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
1 uSamuweli 16:12-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: “Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.” USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
1 uSamuweli 16:12-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wathumela wamngenisa. Wayebomvu, emuhle ngokubukeka, emuhle ngokubukeka. Wayesethi uJehova: “Vuka, umgcobe, ngokuba nguye.” USamuweli wayesethatha uphondo olunamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku. USamuweli wasuka, waya eRama.