1 AmaKhosi 9:1-28

1 AmaKhosi 9:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nakho konke ayefisile ukukwenza, uSimakade wabonakala kuye ngokwesibili, njengokuba wayekade ebonakale kuye eGibheyoni. USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku. “Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami, ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’ “Kepha uma nina nabantwana benu ningihlamuka, ningayigcini imiyalo yami nezimiso zami engikumise phambi kwenu, nisuke nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu. Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’ “Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ” Kwathi sekuphele iminyaka engama-20 uSolomoni akhe ngayo zombili izindlu: indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, uHiramu, inkosi yaseThire, owayesize uSolomoni ngemisedari, ngemisayiphuresi, ngegolide nangakho konke ayekufisa, inkosi uSolomoni yamnika uHiramu imizi engama-20 eGalile. UHiramu wasuka eThire ukuyobona imizi uSolomoni ayemnike yona, kodwa ayizange imgculise. Wathi: “Mfowethu, iyini le mizi onginike yona na?” Wayibiza ngeKhabhuli kuze kube yinamuhla. UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide. Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri. UFaro, inkosi yaseGibhithe, wayenyukile walidla iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehleli emzini, wayeselinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, laba yisipho sayo. USolomoni walakha kabusha iGezeri, iBhethi Horoni eZansi, iBhalathi, iThamari elalisehlane lalelo lizwe, nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo. Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli, nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla. Kepha kwabakwa-Israyeli uSolomoni akenzanga namunye waba yisigqila, ngokuba bona babengamabutho, izinceku zakhe, izikhulu zakhe, abakhuzi bempi, abaphathi bezinqola zakhe nabamahhashi bakhe. Bona babeyizinduna ezinkulu ezazengamele umsebenzi kaSolomoni ezazingama-550, ziphethe abantu ababesebenza. Indodakazi kaFaro kuphela eyasuka emzini kaDavide yaya endlini yayo, inkosi eyayiyakhele yona; wayakha futhi neMilo. USolomoni wayenikela kathathu ngonyaka ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-althare ayelakhele uSimakade, eshisa impepho kanye neminikelo phambi kukaSimakade. Wayeseqedile ukwakha indlu. Inkosi uSolomoni yakha imikhumbi e-Eziyoni Gebheri eseceleni kwase-Elathi ogwini loLwandle Lomhlanga kwa-Edomi. UHiramu wathumela ngaleyo mikhumbi izinceku zakhe, ezazingamatilosi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. Zaya e-Ofiri, zalanda lapho igolide elingamathalenta angama-420, zaliletha enkosini uSolomoni.

1 AmaKhosi 9:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova, nendlu yenkosi, nakho konke ukufisa kukaSolomoni ayefune ukukwenza, uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni. UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke. “Wena-ke, uma uyakuhamba phambi kwami njengokuhamba kukaDavide uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, ukuba wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami, ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’ “Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo, ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’ Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ” Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide. Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona. Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla. Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini. Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo. Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu. Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.

1 AmaKhosi 9:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaJehova nendlu yenkosi, nazo zonke izifiso zikaSolomoni ayethanda ukuzenza, ukuthi uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili, njengalokho wabonakala kuye eGibeyoni. Wayesethi uJehova kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho okwenzile phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngimise igama lami khona kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona njalo. Uma uhamba phambi kwami njengokuhamba kukayihlo uDavide ngobuqotho benhliziyo nangobuqotho, ukwenza njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami; Njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho phezu kukaIsrayeli kuze kube nininini, njengokuthembisa kwami kuDavida uyihlo ngokuthi: Kawuyikuswela muntu esihlalweni sobukhosi sikaIsrayeli. Kepha uma nichezuka kimi nangayiphi indlela, nina nabantwana benu, nemiyalo yami nezimiso zami engizibeka phambi kwenu, ningagcini, kepha hambani nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele. Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke. Futhi kule ndlu ephakeme, wonke umuntu odlula kuyo uyomangala futhi ashaye ikhwelo; bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni lokhu kuleli zwe nakule ndlu na? Bazakuthi: Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho uJehova wehlisela lobu bubi phezu kwabo bonke. Kwathi ekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akha izindlu ezimbili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, (UHiramu inkosi yaseTire wanika uSolomoni imisedari nemisayipuresi negolide njengakho konke ukufisa kwakhe; inkosi uSolomoni yanika uHiramu imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. UHiramu wasephuma eTire ukubona imizi uSolomoni ayemnike yona; futhi abamthokozisanga. Wathi: “Yimizi miphi le onginike yona, mfowethu na?” Wababiza ngokuthi izwe laseKabuli kuze kube namuhla. UHiramu wathumela enkosini amatalenta angamashumi ayisithupha egolide. Lesi yisizathu sesibopho inkosi uSolomoni eyasisusayo; ukwakha indlu kaJehova nendlu yakhe neMilo nogange lwaseJerusalema neHazori neMegido neGezeri. UFaro inkosi yaseGibithe wenyuka walithatha iGezeri walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ahlala emzini, walinika indodakazi yakhe, umkaSolomoni, yaba yisipho. USolomoni wakha iGezeri, neBeti Horoni lasezansi, noBhahalati noTadimori ehlane ezweni, nayo yonke imizi yokugcina izimpahla uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, uSolomoni ayethanda ukuyakha eJerusalema, naseLebanoni, nakulo lonke izwe lombuso wakhe. Bonke abantu ababesele kuma-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ababengebona abantwana bakwa-Israyeli, Abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abantwana bakwa-Israyeli ababengenakubaqalekisa, uSolomoni wabakhokhisa intela yenkonzo kuze kube namuhla. Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akenzanga sigqila, kodwa baba amaqhawe nezinceku zakhe nezikhulu zakhe nezinduna zakhe nezinduna zezinqola zakhe nabamahhashi bakhe. Laba babeyizinduna zabalindi ababephezu komsebenzi kaSolomoni, amakhulu amahlanu namashumi ayisihlanu, ababebusa phezu kwabantu abenza umsebenzi. Indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona uSolomoni; wabe eseyakha iMilo. USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga kathathu ngomnyaka e-altare ayelakhele uJehova, wanyusa impepho phezu kwe-altare elaliphambi kukaJehova. Wayiqeda ke indlu. Inkosi uSolomoni yenza uxhaxha lwemikhumbi e-Esiyoni Geberi eseduze ne-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. UHiramu wayesethuma izinceku zakhe, amatilosi ezazi ulwandle, nezinceku zikaSolomoni emkhunjini. Bafika e-Ofiri, balanda khona igolide, amathalenta angamakhulu amane namashumi amabili, baliletha enkosini uSolomoni.