1 AmaKhosi 7:1-51
1 AmaKhosi 7:1-51 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USolomoni wasakha isigodlo sakhe wasiqeda ngeminyaka eli-13. Wayesakha indlu eyabizwa ngokuthi yiNdlu Yehlathi LaseLebhanoni: ubude bayo babungamakhubhithi ayikhulu, ububanzi bungamakhubhithi angama-50, ukuphakama kungamakhubhithi angama-30, phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari, kunemishayo yemisedari phezu kwezinsika. Yayifulelwe ngemisedari phezu kwemishayo engama-45 eyayiphezu kwezinsika ezili-15, umugqa ngamunye. Kwakunezinsika namafasitela emigqeni yomithathu ebhekene, yilowo nalowo mugqa. Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ingaphambili lefasitela libhekene nelinye emigqeni yomithathu. Wakha indlu yezinsika: ubude bayo babungamakhubhithi angama-50, ububanzi bungamakhubhithi angama-30; yayinomphemegumbi nezinsika phambi kwayo. Wakha indlu yesihlalo sobukhosi, lapho ayezokhiphela khona izahlulelo. Indlu yokwehlulela yayimbozwe ngemisedari, kusukela phansi kuze kushaye phezulu. Isigodlo sakhe lapho ayezohlala khona, kwelinye igceke ngaphakathi komphemegumbi, sasakhiwe ngendlela efanayo. Isigodlo uSolomoni asakhela indodakazi kaFaro eyayimganile, sasakhiwe njengalowo mphemegumbi. Konke lokho kwakwakhiwe ngamatshe enani elikhulu, ayebazwe ngokwezilinganiso, asahwa ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuya ophahleni, nangaphandle kuze kuyofika egcekeni elikhulu. Ngisho nesisekelo imbala, sasakhiwe ngamatshe enani elikhulu, amatshe amakhulu angamakhubhithi alishumi, namatshe angamakhubhithi ayisishiyagalombili. Naphezulu kwakunamatshe enani elikhulu, amatshe abaziweyo ngokwezilinganiso kanye nemisedari. Igceke elikhulu lalizungezwe yimigqa emithathu yamatshe abaziweyo, nomugqa wemishayo yomsedari, njengalokhu kwakwenziwe egcekeni lendlu kaSimakade elingaphakathi nasemphemenigumbi wendlu. Inkosi uSolomoni yathumela ukuba kulandwe uHiramu eThire. Wayeyindodana yomfelokazi wesizwana sakwaNafethali, uyise engowaseThire, indoda eyayisebenza ithusi, ihlakaniphile, inokuqonda, futhi inobungcweti bokwenza noma yimuphi umsebenzi wethusi. UHiramu wafika enkosini uSolomoni, wayenzela wonke umsebenzi wayo. Wakhanda izinsika zethusi ezimbili, yileyo naleyo ingamakhubhithi ali-18 ubude, zithandelwe ngomucu ongamakhubhithi ali-12. Wenza izihlalo ezimbili ngethusi elibunjiweyo, wazibeka phezu kwezinsika; ubude besihlalo ngasinye babungamakhubhithi ayisihlanu, zilingana ncimishi. Ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika kwakukhona imihlobiso yamanetha ayimigqa, enezinsephe ezaziphicelwe kuwo njengamaketanga; kuyisikhombisa kuleso naleso sihloko. Wenza amahananadi aba yimigqa emibili nxazonke, kuyilelo nalelo netha ukwemboza izihloko ezaziphezu kwezinsika. Wenza ngokufanayo nakweyesibili insika. Izihloko ezaziphezu kwezinsika ezisemphemenigumbi zazenziwe zafana nezeminduze, kungamakhubhithi amane. Phezu kwezihloko zezinsika zombili ezaziseduze neqhubu elaliseceleni kwenetha, kwakukhona amahananadi angama-200 eyimigqa macala wonke, phezu kwaleso naleso sihloko. Wazimisa izinsika zomphemegumbi wethempeli, insika yangakwesokunene wayiqamba ngokuthi uJakini. Insika yangakwesokhohlo ayimisayo wayibiza ngokuthi uBhowazi. Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okwenziwe kwafaniswa neminduze; waphela kanjalo umsebenzi wokwenziwa kwezinsika. Wenza ulwandle olubunjiweyo; lwalungamakhubhithi alishumi kusukela komunye umphetho kuze kufike komunye, luyindilinga. Ukuphakama kwalo kwakungamakhubhithi ayisihlanu, luzungezwe nxazonke yintambo yokulinganisa engamakhubhithi angama-30. Phansi komphetho, nxazonke, lwaluzungezwe ngamapulangwe, yileyo naleyo ntambo ingamakhubhithi alishumi, zizungeze ulwandle. Kwakunemigqa emibili yamapulangwe eyayibunjwe ngesikhathi lubunjwa. Lwalumi phezu kwezinkabi ezili-12, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezinye ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezinye izintathu zibheke ngaseningizimu, ezinye ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. Uhlonze lwalo lwalubanzi ngangesandla, umphetho walo unjengodini lwendebe, lunjengembali yomduze, lulingana namabhathi ayizi-2 000. Wakha izinqe zethusi ezilishumi: ubude besinqe ngasinye bungamakhubhithi amane, ububanzi baso bungamakhubhithi amane, ukuphakama kungamakhubhithi amathathu. Lena yiyona ndlela izinqe ezazakhiwe ngayo: zazinemiphetho, nemiphetho eyayiphakathi kwezinsika. Emiphethweni eyayibekwe ezinsikeni kwakukhona phakathi kwezinsika izingonyama, izinkabi namakherubhi; kwakunjalo ezinsikeni, phezulu naphansi, kunezingonyama, izinkabi, nemigexo yezimbali elengayo. Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nemiphini yamasondo yethusi; nezinyawo ezine ezazinezindawo zokusekela umthwalo; lezi zindawo zokusekela zaziphansi komcengezi onemigexo yezimbali, ebhekene nawo wonke. Umlomo waso uphakathi kwesihloko, ukuphakama kwawo kuyikhubhithi elilodwa. Umlomo wawo wawuyindilinga, ufana nesinqe, uyikhubhithi nengxenye. Emlonyeni kwakukhona okubaziweyo. Imiphetho yawo iyizinhlangothi ezine, zingeyiyo indilinga. Lawo masondo amane ayephansi kwemiphetho; imiphini yamasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyikhubhithi nengxenye. Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola yempi; imiphini yamasondo, amabhande awo, izipokwe zawo, namanamfu awo, kwakubunjiwe konke. Kwakukhona izindawo zokuwuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zokuwuthwala zihlangene nesinqe. Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi, nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyingxenye yengalo, okokuwusekela nemiphetho yakho kuhlangene nakho. Kulezo zindawo ezingezokuwuthwala nasemiphethweni kwakuqoshwe amakherubhi, izingonyama, namasundu lapho kwakunendawo khona, kukhona nemigexo yezimbali nxazonke. Wazenza kanjalo zonke izinqe ezilishumi; zonke zabunjwa ngendlela efanayo, zinesilinganiso esifanayo, nesimo esifanayo. Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa. Wazibeka izinqe eziyisihlanu eceleni ngakwesokunene sendlu, neziyisihlanu eceleni ngakwesokhohlo sendlu; wabeka ulwandle eceleni ngakwesokunene sendlu ngasempumalanga yangaseningizimu. UHiramu wenza leyo micengezi, amafosholo, nezitsha. UHiramu waqeda ukwenza wonke umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade: izinsika ezimbili, imicengezi emibili ezihloko ezaziphezu kwezinsika, amanetha amabili okwembesa imicengezi eyayisezinhlokweni ezimbili ezazisezihlokweni phezu kwezinsika, amahananadi angama-400, amanetha amabili, imigqa emibili yamahananadi kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezaziyimicengezi ezaziphezu kwezinsika, izinqe ezilishumi, imicengezi elishumi ezinqeni, ulwandle olulodwa, izinkabi ezili-12 phansi kolwandle, amabhodwe, amafosholo, nezitsha. Zonke lezi zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaSimakade, zazenziwe ngethusi elicwebezelisiweyo. Inkosi yazibumba esigodini eJordani emhlabathini webumba, phakathi kweSukhothi neZarethani. USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi okwakungekho okokusikala. USolomoni wezenza zonke izinto ezazisendlini kaSimakade: i-althare legolide, itafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zobukhona, izinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo, phambi kwegumbi eliphakathi, izimbali, izibani, izindlawu, konke wakwenza ngegolide, izindebe, izizenze, izitsha, izinkezo, imicengezi yomlilo, igolide elicwengekileyo, izingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, izicabha zendawo engcwelengcwele, nezicabha zendlu yethempeli, konke wakwenza ngegolide. Sewuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenza endlini kaSimakade, uSolomoni wangenisa izinto ezingcwele zikayise uDavide, isiliva, igolide nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaSimakade.
1 AmaKhosi 7:1-51 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uSolomoni wakha indlu yakhe iminyaka eyishumi nantathu, wayiqeda indlu yakhe yonke. Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari,* imishayo yemisedari iphezu kwezinsika. Yafulelwa ngemisedari* phezu kwemishayo engamashumi amane nanhlanu eyayiphezu kwezinsika eziyishumi nanhlanu, uhla lulunye. Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu. Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu. Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo. Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari* kusukela phansi kuze kufike phezulu. Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme. Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu. Nesisekelo sasingamatshe anenani elikhulu, amatshe amakhulu, amatshe ayizingalo eziyishumi, namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili. Naphezulu kwakungamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziweyo ngezilinganiso, nemisedari.* Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari* njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu. Inkosi uSolomoni yathumela yamlanda uHiramu eTire. Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo. Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika. Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu. Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye. Wenza amapomegranati;* kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko. Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine. Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko. Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi. Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika. Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke. Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo. Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati* ayizinkulungwane ezimbili. Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu. Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko; kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali. Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke. Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi. Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye. Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande* awo, nezipokwe* zawo, namanamfu* awo kwakubunjiwe konke. Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe. Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho. Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi,* nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke. Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye. Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye. Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu. UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu: izinsika ezimbili, nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namapomegranati* angamakhulu amane amanetha omabili, izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, nezinqe eziyishumi, nemicengezi eyishumi ezinqeni, nolwandle lunye, nezinkabi eziyishumi nambili phansi kolwandle, namakhanzi, namafosholo, nezitsha; zonke lezo zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaJehova zaziyithusi eliphucuziweyo. Inkosi yazibumba ethafeni laseJordani emhlabathini webumba phakathi kweSukoti neSaretani. USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa. USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa, nezinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo phambi kwegumbi, nezimbali, nezibani, nezindlawu, ngegolide, nezindebe, nezizenze, nezitsha, nezinkezo, nemicengezi yomlilo, ngegolide elicwengekileyo, nezingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, indawo engcwelengcwele, nezivalo zendlu yethempeli. Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ayezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.
1 AmaKhosi 7:1-51 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha uSolomoni wakha eyakhe indlu iminyaka eyishumi nantathu, wayiqeda yonke indlu yakhe. Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude balo babuyizingalo eziyikhulu, ububanzi buyizingalo ezingamashumi amahlanu, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezingamashumi amathathu, phezu kwezinhlu ezine zezinsika zemisedari, nemishayo yemisedari phezu kwezinsika. Yafulelwa ngokhuni lomsedari phezu kwemishayo emiswe phezu kwezinsika ezingamashumi amane nanhlanu, eziyishumi nanhlanu luhla. Kwakukhona amafasitele ezinhlangeni ezintathu, nokukhanya kwakubhekene nokukhanya ezinhlakeni ezintathu. Zonke izicabha nezinsika zazinezinhlangothi ezinezinhlangothi ezine ezilinganayo, zinamafasitele; Wenza nompheme wezinsika; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amahlanu, nobubanzi balo buyizingalo ezingamashumi amathathu; umpheme wawuphambi kwazo, nezinye izinsika nogodo olunzima phambi kwazo. Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho angahlulela khona, umpheme wokwahlulela; futhi yayimbozwe ngemisedari kusukela ekugcineni komunye phansi kuze kufike ekugcineni. Indlu yakhe lapho ayehlala khona yayinelinye igceke phakathi kompheme, laliwumsebenzi ofanayo. USolomoni wenzela indodakazi kaFaro indlu enjengalo mpheme, ayithathe yaba ngumkakhe. Konke lokhu kwakungamatshe ayigugu, ngokwesilinganiso samatshe abaziweyo, asahwe ngesaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike ophahleni, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu. Isisekelo sasingamatshe ayigugu, amatshe amakhulu, amatshe ayizingalo eziyishumi namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili. Ngaphezulu kwakukhona amatshe ayigugu ngokwesilinganiso samatshe abaziweyo nemisedari. Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemishayo yemisedari, ngelegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu. Inkosi uSolomoni yathumela yamlanda uHiramu eTire. Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali, uyise engowaseTire, esebenza ngethusi; futhi wayegcwele ukuhlakanipha nokuqondisisa nobuqili ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wenza wonke umsebenzi wakhe. Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, iyileyo naleyo buyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ukuphakama, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili uzungeza ngayinye yazo. Wenza izihloko ezimbili zethusi elibunjiweyo ukuba zihlale ezihlokweni zezinsika; ukuphakama kwesinye isihloko kwakuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwesinye isihloko kwakuyizingalo eziyisihlanu. Namanetha omsebenzi ophothiweyo nezimbali zemihlobiso ezenziwe ngamaketanga ezinduneni ezaziphezu kwezinsika; eziyisikhombisa ngesahluko esisodwa, nesikhombisa kwesinye isahluko. Wenza izinsika nezinhlu ezimbili nxazonke kwelinye ithango, ukumboza izihloko ezingaphezulu ngamahenge; wenze njalo nangesinye isihloko. Izigqoko ezaziphezu kwezinsika emphemeni zaziwumsebenzi womnduze, izingalo ezine. Izinduna phezu kwezinsika zombili zazinamapomegranati phezulu malungana nesisu esasiphezu kwentambo; nezinetha zazingamakhulu amabili ngezinhla nxazonke kwesinye isihloko. Wazimisa izinsika emphemeni wethempeli, wamisa insika yokunene, wayiqamba ngokuthi uJakini; wamisa insika yesokhohlo, wayibiza ngokuthi uBhowazi. Phezu kwezinsika kwakukhona umsebenzi womnduze; kanjalo umsebenzi wezinsika waqedwa. Wenza ulwandle olubunjiweyo, izingalo eziyishumi ukusuka kolunye umkhawulo kuze kufike kolunye umkhawulo; laliyizungezile, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu wawudwengula inhlangothi zonke. Phansi konqenqema lwalo kwakukhona amafindo nxazonke, eziyishumi ingalo, ezungeza ulwandle nxazonke; ama-buds abunjwa abe yimigqa emibili uma ephonswe. Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke enyakatho, ezintathu zibheke entshonalanga, ezintathu zibheke eningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalubekwe phezu kwabo, nezindluzele zabo zonke zingaphakathi. Ugqinsi lwalo lwalungangobubanzi besandla, nomphetho walo wawenziwe njengodini lwendebe, lineluba leminduze; yayinelulwane eliyizinkulungwane ezimbili. Wenza nezinyawo eziyishumi zethusi; ubude balo lunye babuyizingalo ezine, nezingalo ezine ububanzi, nezingalo ezintathu ukuphakama. Umsebenzi wesisekelo wawunje: zazinemiphetho, imigqa yayiphakathi kwemikhawulo. Ezintini ezaziphakathi kwemikhawulo kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi, naphezu konqenqema kwakukhona isisekelo; Isisekelo ngasinye sasinamasondo amane ethusi nezingcwecwe zethusi, emagumbini aso omane ayenophahla; ngaphansi kukasinki kwakukhona ophahleni olubunjiwe ezinhlangothini zokwengezwa ngakunye. Umlomo wayo phakathi kwesihloko nangaphezulu wawuyingalo, kepha umlomo wayo wawuyindilinga, njengomsebenzi wephini, uyingalo nengxenye; nasemlonyeni wawo kwakukhona okuqoshiwe emaceleni awo, inhlangothi zozine, engesiyindilinga. Phansi kwezintambo kwakukhona amasondo amane; izisekelo zamasondo zaziboshelwe esinqeni, ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nengalo nengxenye. Umsebenzi wamasondo wawunjengokwenziwa kwesondo lenqola; imithi yawo yomlotha, nemikhumbi yawo, nezisekelo zawo, nezipoki zawo, kwakuncibilika konke. Kwakukhona izisekelo ezine emagumbini omane esisekelweni sinye, futhi izisekelo zazivela esisekelweni ngokwaso. Phezu kwesisekelo kwakuyisiyingi esiyindilinga ukuphakama kwengxenye yengalo, futhi phezu kwesinqe kwakukhona imiphetho yaso nemiphetho yaso. Ngoba ezingcwepheni zemiphetho yalo naseceleni kwalo waqopha amakherubi, nezingonyama, namasundu ngokwesilinganiso salolo naso, nenengezo nxazonke. Wazenza-ke izisekelo eziyishumi; Wasesenza imiganu yokugezela yethusi elitshumi; umganu owodwa wawulemiganu engamatshumi amane, lenditshi ngayinye yayizingalo ezine, lesiceceni esisodwa sezisekelo ezilitshumi. Wabeka izisekelo eziyisihlanu ohlangothini lokunene lwendlu neziyisihlanu ohlangothini lwesobunxele lwendlu; walubeka ulwandle ohlangothini lokunene lwendlu, ngasempumalanga, malungana naseningizimu. UHiramu wenza imicengezi yokugezela namafosholo nezitsha. Ngakho uHiramu wawuqeda wonke umsebenzi ayewenzele inkosi uSolomoni endlini kaJehova. Izinsika ezimbili nezitsha ezimbili zezihloko ezaziphezu kwezinsika ezimbili; nezinzipho zombili zokumboza izitsha ezimbili zezihloko ezaziphezu kwezinsika; nezingodo ezingamakhulu amane emilukweni yomibili, izinhlu ezimbili zezinatha okhazimulweni munye ukumboza izindebe ezimbili zezihloko ezaziphezu kwezinsika; nezinqola zokugezela eziyishumi, nezitsha eziyishumi ezinqoleni zokugezela; nolwandle olulodwa nezinkabi eziyishumi nambili phansi kolwandle; Amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nazo zonke lezi zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni, zendlu kaJehova, zazingezethusi elikhazimulayo. Inkosi yawathela ethafeni laseJordani emhlabathini wobumba phakathi kweSukoti neSarithani. USolomoni waziyeka zonke izitsha zingakalwa, ngokuba zaziziningi kakhulu; nesisindo somthengi asikanqunywa. USolomoni wazenza zonke izinto zendlu kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa; nezinti zezibani zegolide elicwengekileyo, eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo, phambi kwendlu engaphakathi, zinezimbali nezibani nezindlawu zegolide; nezitsha, nezinkezo, nezitsha, nezitsha, nemicengezi yomlilo yegolide elicwengekileyo; nezinti zegolide zeminyango yendlu engaphakathi, iNgcwelengcwele, nezeminyango yendlu, eyethempeli. Waphela kanjalo wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyayiwenzele indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izipho uDavide uyise abezingcwelisile; nesiliva negolide nezitsha wakubeka phansi kwengcebo yendlu kaJehova.