1 AmaKhosi 18:21 - Compare All Versions

1 AmaKhosi 18:21 ZUL20 (IsiZulu 2020)

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.

1 AmaKhosi 18:21 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.

1 AmaKhosi 18:21 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

U-Eliya wayesesondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimi phakathi kwenhliziyo ezimbili na?” uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni; kepha uma kunguBali, mlandeleni. Isixuku asimphendulanga ngazwi.