1 AmaKhosi 17:12 - Compare All Versions
1 AmaKhosi 17:12 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Kepha wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, okukhona nje inkeshezana yempuphu esembizeni, nengcosana yamafutha ophisweni. Uyabona-ke, sengizitholele izinkuni ezimbili ukuze ngihambe ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sidle, sife.”
1 AmaKhosi 17:12 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”
1 AmaKhosi 17:12 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo iqebelengwane, kuphela isandla esigcwele isandla sempuphu emphongolweni namafutha amancane embizeni; bheka, ngitheza izinkuni ezimbili ukuba ngingene, ngizilungisele mina nendodana yami, ukuze sizidle, sife.