1 AmaKhosi 13:16-18
1 AmaKhosi 13:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha wathi: “Anginakuphindela emuva nawe, anginakungena nawe kwakho, futhi angiyukudla sinkwa noma ngiphuze amanzi nawe kule ndawo, ngokuba uSimakade wathi kimi ngezwi lakhe: ‘Awuyukudla sinkwa, awuyukuphuza manzi lapho, futhi awuyukubuya ngendlela obuhambe ngayo.’ ” Umphrofethi wayesethi kuye: “Nami ngingumphrofethi njengawe, kodwa kukhulume ingelosi kaNkulunkulu, yathi: ‘Mbuyise nawe, eze endlini yakho ukuze athole isinkwa, aphuze namanzi.’ ” Kepha umphrofethi wayeqamba amanga.
1 AmaKhosi 13:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wathi: “Anginakubuya nawe, anginakungena kwakho nawe; futhi anginakudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kuleyo ndawo, ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi khona, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ” Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.
1 AmaKhosi 13:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wathi: “Anginakubuyela emuva nawe, ngingangeni nawe; futhi angiyikudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kule ndawo. Ngokuba kwashiwo kimi ngezwi likaJehova ukuthi: “Ungadli isinkwa, ungaphuzi amanzi khona, ungabuyi uhambe ngendlela oze ngayo.” Wathi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; ingelosi yakhuluma kimi ngezwi likaJehova, yathi: “Mbuyisele endlini yakho ukuba adle isinkwa, aphuze amanzi. Kodwa wamqambela amanga.