1 kwabaseKorinte 8:1-13

1 kwabaseKorinte 8:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Mayelana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi ngalokho. Ulwazi luyakhukhumeza, kodwa uthando luyakha. Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi okuthile, akakazi njengokuba kufanele ukuba azi. Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye. Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela. Ngokuba nakuba kukhona okuthiwa onkulunkulu, noma ngabe kusezulwini noma kusemhlabeni, njengalokhu kukhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi, kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye. Kepha akusibo bonke abantu abanalolo lwazi. Abanye lokhu basajwayele izithombe kuze kube manje, basakudla ukudla sengathi kuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola. Ukudla akusisondezi kuNkulunkulu, ngokuba uma singadli, asilahlekelwa yilutho, noma sidla, asizuzi lutho. Kepha qaphelani, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka. Ngokuba uma umuntu ebona wena onolwazi udla ethempelini lesithombe, ngabe unembeza walowo osebuthakathaka awuyukudideka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe na? Lowo obuthakathaka uyakubhubha ngenxa yolwazi lwakho, umzalwane uKhristu afa ngenxa yakhe. Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKhristu. Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngayidla inyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.

1 kwabaseKorinte 8:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha. Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi; kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye. Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela. Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi, nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye. Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola. Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho. Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka. Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na? Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu. Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu. Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.