1 kwabaseKorinte 2:1-4
1 kwabaseKorinte 2:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu. nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla
1 kwabaseKorinte 2:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nami bazalwane, ekufikeni kwami lapho kini, angifikanga ngobugagu bokukhuluma noma bokuhlakanipha, kodwa ngimemezele kini imfihlakalo kaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyukukwazi okunye kini, kuphela uJesu Khristu, lowo obethelwe esiphambanweni. Mina ngafika kini ngibuthakathaka, ngesaba, ngithuthumela kakhulu, futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla
1 kwabaseKorinte 2:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu; nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla
1 kwabaseKorinte 2:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu. Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla