1 kwabaseKorinte 1:9-13
1 kwabaseKorinte 1:9-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UNkulunkulu uthembekile, yena nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani, bazalwane bami, ngabendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukuxabana phakathi kwenu. Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu. UKristu uhlukene yini na? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? noma nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
1 kwabaseKorinte 1:9-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wethembekile uNkulunkulu owanibizela ebudlelwaneni neNdodana yakhe, uJesu Khristu iNkosi yethu. Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye. Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu. Ngikusho lokhu ngokuba yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawula;” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo;” omunye uthi: “Mina ngingokaKhefase;” nomunye athi: “Mina ngingokaKhristu.” Ngabe uKhristu wahlukanisiwe yini na? UPawula wabethelwa yini esiphambanweni ngenxa yenu na? Kanti nina nabhabhadiswa egameni likaPawula yini na?
1 kwabaseKorinte 1:9-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka-Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”. UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
1 kwabaseKorinte 1:9-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)