1 iziKronike 10:13-14
1 iziKronike 10:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye, engabuzanga kuSimakade. Ngakho-ke wambulala, umbuso wawubuyisela kuDavide, indodana kaJese.
1 iziKronike 10:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, engabuzanga kuJehova; ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.
1 iziKronike 10:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wafa-ke uSawule ngenxa yesiphambeko sakhe asenza ngaso kuJehova, ephambene nezwi likaJehova angaligcinanga, nangokuba wacela iseluleko kumuntu onomoya owaziwayo ukuba ambuze; Akabuzanga kuJehova; ngalokho wambulala, wabunikela ubukhosi kuDavide indodana kaJese.