IsAmbulo 22:12-14

IsAmbulo 22:12-14 CZB24

Bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami ukimi, ukumnika yilowo nalowo njengomsebenzi wakhe. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.