Amahubo 146:1-10

Amahubo 146:1-10 CZB24

Dumisani uJehova. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Kuphila kwami ngiyakumdumisa uJehova; Ngifuna ukuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisaphila. Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku ingqondo yakhe yaphela. Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe. Owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, ogcina iqiniso kuze kube phakade; owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa. UJehova uvula amehlo ezimpumputhe; uJehova uyabavusa abathotshisiweyo; uJehova uthanda olungileyo. UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa. UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.