Mathewu 26:36-44
Mathewu 26:36-44 CZB24
Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: “Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya. Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami. Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena. Wasesiza kubafundi, wabafica belele, wathi kuPetro: Kanti beningelinde lami ihola elilodwa yini? Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka. Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho. Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima. Wabashiya, wabuye wahamba, wakhuleka ngokwesithathu, esho wona lawo mazwi.

