Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha. Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya. Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane. Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela. UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na? Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele; Bheka, u-Elisabethe umzala wakho, naye ukhulelwe indodana esebudaleni bakhe; Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; makube kimi njengezwi lakho. Ingelosi yamuka kuye. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda; Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe. Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele; Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho. Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi.
Funda Luka 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 1:26-45
4 Days
The Christmas story is the story of how God intervened in history through the birth of Jesus. The lives of Mary, Joseph, and the shepherds were utterly changed by this event. They found hope, love, peace, and joy; join the team from Vertical Worship as we remember together how, through Jesus, we can find these too.
5 Days
Slow down and savor time with the Savior this season. Choose to pause and ponder as Mary did, to get lost in the wonder of Immanuel, of God with us. This year, let it be simply Christmas.
7 Days
Mary was a mom, like many women. What can we learn from the heart of the woman chosen to bear the Messiah? Read along as Robin Meadows, author and relationship coach, shares from her experiences of launching seven children and living to tell about it.
Christmas is supposed to be a season of joy –– but what exactly is joy and how do you choose it when the world is filled with hurt and hardship? Discover what “joy to the world” really means by immersing yourself in the Christmas story with this special, 7-day Christmas Plan.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo