UGenesise 28:10-15
UGenesise 28:10-15 CZB24
UJakobe wasuka eBherisheba waya eHarana. Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha amatshe kuleyondawo, wawabeka phansi emicamelweni yakhe, walala kuleyo ndawo. Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo. Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho; Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba. Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.




