Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina. Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngoba uba babengabakithi, ngabe bahlala lathi; Kodwa nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, futhi niyazi zonke izinto. Kangilibhalelanga ngoba lingalazi iqiniso, kodwa ngoba lilazi, lokuthi kakulamanga avela eqinisweni. Ngubani ongumqambimanga ngaphandle kwalowo ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Ungumphikukristu, ophika uYise neNdodana. Ophika iNdodana akanaye uYise, kepha ovuma iNdodana unaye noYise. Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba. Yilesi isithembiso asithembisa sona: ukuphila okuphakade. Nginilobele lezi zinto ngabadukisayo. Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.
Funda 1 kaJohane 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaJohane 2:18-27
21 Days
In the 21 Days to Overflow YouVersion plan, Jeremiah Hosford will take readers on a 3-week journey of emptying themselves of themselves, being filled with the Holy Spirit, and living out an overflowing, Spirit-filled life. It’s time to stop living normally and start living an overflowing life!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo