Kwabase Roma 15

15
KwabaseRoma 15
1Ngakho-ke thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka bababuthakathaka, singazithokozisi thina.
2Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane kube kuhle, akheke.
3Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
4Ngoba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela langenduduzo yemibhalo sibe lethemba.
5Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nomqondo munye omunye komunye ngokukaKristu Jesu;
6ukuze ngamlomo munye nikhazimulise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.
7Ngakho yamukelanani, njengalokhu uKristu wasesamukela, kube yinkazimulo kaNkulunkulu.
8Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;
9Lokuthi abezizwe badumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe; njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho.
10Ubuye athi: Jabulani nina bezizwe, kanye nabantu bakhe.
11Futhi: Dumisani iNkosi nina bezizwe nonke; nimdumise nina zizwe zonke.
12Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye.
13UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
14Nami-ke ngiyaqiniseka ngani, bazalwane bami, ukuthi nani nigcwele ukulunga, nigcwaliswe ngokwazi konke, ninamandla futhi nokuyalana.
15Nokho, bazalwane, nginilobele ngesibindi esikhulu ngandlela-thile, kungathi ngiyanikhumbuza, ngenxa yomusa engiwuphiweyo nguNkulunkulu;
16ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
17Ngakho nginokuzibonga ngoKristu Jesu ezintweni ezikaNkulunkulu.
18Ngoba kangiyikuba lesibindi sokukhuluma laluthouluthouluthouluthouKristu angasebenzangangami, ukuthi enze abezizwe balalele, ngelizwi langesenzo;
19ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.
20Yebo, ngokunjalo ngazama ukushumayela ivangeli, kungeyisikho lapho uKristu abizwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye;
21Kodwa kunjengokulotshiweyo ukuthi: Lalabo okungakhulunywanga ngabo, bazabona, labangazwanga bazaqedisisa.
22Kungakho-ke ngabanjelwa kakhulu ukuza kini.
23Kodwa manje sengingasenayo indawo kulezo zindawo, futhi sekuyiminyaka eminingi ngifisa kakhulu ukuza kini;
24Njalo nxa ngizakuya eSpaniya, ngizakuza kini;
25Kepha manje ngiya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele.
26Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukunikela okuthile kwabampofu abangcwele baseJerusalema.
27Kubathokozisile impela; futhi banecala kubo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, kungumsebenzi wabo nokubakhonza ezintweni zenyama.
28Ngakho nxa sengikufezile lokho, sengibaphawulele lesi sithelo, ngizakudlula ngakini ngiye eSpaniya.
29Kodwa ngiyazi ukuthi nxa ngiza kini, ngizakuza ngilesibusiso esigcweleyo sevangeli likaKristu.
30Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi uJesu Kristu, nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nikhuthale kanye nami emikhulekweni yenu kuNkulunkulu ngenxa yami;
31ukuze ngikhululwe kwabangakholwayo eJudiya; nokuba inkonzo yami engiseJerusalema yamukelwe ngabangcwele;
32ukuze ngize kini ngentokozo ngentando kaNkulunkulu, ngiqabuleke kanye nani.
33UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase Roma 15: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo