Mathewu 11

11
Mathewu 11
1Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo.
2Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe.
3basesithi kuye: Wena unguye ozayo yini, kumbe silindele omunye?
4UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo;
5Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.
6Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.
7Sebemuka, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma ukuyobonani ehlane na? Umhlanga unyakaziswa ngumoya na?
8Kodwa laphumela ukuyabonani? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? bhekani, abembethe ezintofontofo basezindlini zamakhosi.
9Kodwa laphumela ukuyabonani? Umprofethi? yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi.
10Ngoba lo nguye okulotshwe ngaye ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho.
11Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.
12Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzula, nabafuzulayo bayawuthatha.
13Ngokuba bonke abaprofethi nomthetho baprofetha kwaze kwafika uJohane.
14Uma nivuma ukukwamukela, lo unguEliya obezakuza.
15Onezindlebe zokuzwa makezwe.
16Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Kufana nabantwana abahlezi ezigcawini, bebiza omakhelwane babo;
17‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’
18Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi, bathi: ‘Unedemoni.’
19INdodana yomuntu yafika idla, iphuza, bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umngane wabathelisi nezoni. Kodwa ukuhlakanipha kulungisiswa kubantwana bakho.
20Khona waqala ukusola imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga;
21Maye kuwe Korazini! maye kuwe, Betsayida! ngokuba uma yayenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngabe kade baphenduka bembethe amasaka nangomlotha.
22Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.
23Nawe Kapernawume, ophakanyiselwe ezulwini, uyakwehliselwa esihogweni, ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe isekhona nanamuhla.
24Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kuzwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunawe.
25Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
26Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo.
27Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.
28Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
29Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.
30Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 11: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo