Johane 1

1
Johane 1
1Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
2Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.
3Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.
4Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.
5Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga.
6Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.
7Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.
8Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengofakazi bokukhanya.
9Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.
10Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga.
11Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
12Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;
13Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.
14ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
15UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
16Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.
17Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.
18Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
19Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?
20Wavuma, akaphika; kodwa wavuma wathi: Mina kangisiye uKristu.
21Basebembuza bathi: Pho? Ungu-Eliya na? Wathi: Kangisuye. Unguye lowomprofethi na? Yaphendula yathi: Hatshi.
22Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze siphendule abasithumileyo. uthini ngawe?
23Wathi: “Mina ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ njengalokho washo u-Isaya umprofethi.
24Lababethunyiwe babevela kubaFarisi.
25Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, noma lowomprofethi na?
26UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo;
27nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe.
28Lezo zinto zenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.
29Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
30Nguye ebengisho ngaye ukuthi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
31Nami bengingamazi, kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.
32UJohane wafakaza wathi: “Ngabona uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe.
33Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.
34Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.
35Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe;
36Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu!
37Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu.
38UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi?
39Wathi kubo: Wozani nibone. Beza babona lapho ehlala khona, bahlala naye lolo suku, ngokuba kwakungaba yihora leshumi.
40Omunye wababili abezwa uJohane ekhuluma bamlandela wayengu-Andreya umfowabo kaSimoni Petru.
41yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.
42Yamletha kuJesu. UJesu embuka wathi: “Wena unguSimoni kaJona;
43Ngangomuso wafuna ukuphuma aye eGalile, wafumana uFiliphu, wathi kuye: “Ngilandele.
44UFiliphu wayengowaseBetsayida, umuzi ka-Andreya noPetru.
45UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.
46UNathanayeli wasesithi kuye: Kambe kukhona into enhle evela eNazaretha? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.
47UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.
48UNathanayeli wathi kuye: “Ungazelaphi na? UJesu waphendula, wathi kuye: Ngaphambi kokuthi uFiliphu akubize, uphansi komkhiwane, ngakubona.
49UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.
50UJesu waphendula, wathi kuye: Uyakholwa ngokuba ngithe kuwe ngikubone uphansi komkhiwane? uzabona izinto ezinkulu kulalezi.
51Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 1: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo