KumaHeberu 13

13
KumaHeberu 13
1Maluqhubeke uthando lobuzalwane.
2Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi.
3Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.
4Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
5Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.
6ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.
7Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
8UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.
9Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.
10Sine-altare abangenagunya lokudla kulo abakhonza etabernakele.
11Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yesono, zishiswa ngaphandle kwekamu.
12Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.
13Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwele ihlazo lakhe.
14Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo.
15Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
16Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
17Lalelani abaniholayo, nibathobele;
18Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.
19Kodwa ngiyalincenga kakhulu ukuthi lenze lokhu, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane.
20Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.
21makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
22Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi.
23Yazini ukuthi umzalwane wethu uThimothewu ukhululiwe; okuthi uma efika masinyane, ngizakunibona naye.
24Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italy bayakhonza kini.
25Umusa mawube nani nonke. Amen. (Ibhalelwe amaHeberu evela e-Italy, nguThimothewu.)

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHeberu 13: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo