IzEnzo 18:15-28

IzEnzo 18:15-28 ZULUNT

Kepha uma kuyimpikiswano ngenkulumo, namagama, nangomthetho wenu, zibhekeni nina; ngoba mina kangiyikuba ngumahluleli wezindaba ezinjalo. Wasebaxotsha esihlalweni sokwahlulela. Khona wonke amaGreki ambamba uSostene induna yesinagoge, amshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela. Kepha uGaliyu akabanga nandaba nalutho lwalezo zinto. UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso. Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda. Kwathi sebemncenga ukuthi ahlale isikhathi esidana labo, kavumanga; Kodwa wabavalelisa, wathi: “Ngimelwe nakanjani ukugcina lo mkhosi ozayo eJerusalema, kepha ngiyakubuyela kini, uma uNkulunkulu ethanda. wamuka ngomkhumbi e-Efesu. Esefikile eKesariya, wenyuka wayobingelela ibandla, wehlela e-Antiyokiya. Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi. Kwasekufika e-Efesu umJuda othile ogama lakhe lingu-Apholo, ngokuzalelwa e-Aleksandriya, indoda ekhulumayo, enamandla emibhalweni. Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela. Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu. Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele; Ngokuba wawakholisa kakhulu abaJuda, naphambi kwabantu, ebonakalisa ngemibhalo ukuthi uJesu unguKristu.

Funda IzEnzo 18