2 kwabaseThesalonika 1

1
KwabaseThesalonika 2-1
1UPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu:
2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
3Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;
4ukuze nathi ngokwethu sizibonga ngani emabandleni kaNkulunkulu ngokubekezela nokukholwa kukho konke ukuzingelwa kwenu nezinsizi enibekezelayo;
5okuwuphawu lokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze nibalwe njengabafanele umbuso kaNkulunkulu, enihlupheka ngenxa yawo;
6lokhu kuyinto elungileyo kuNkulunkulu ukuphindisela ukuhlupheka kwabanihluphayo;
7Nakini enihluphekayo, niphumule kanye nathi, lapho iNkosi uJesu yambulwa ezulwini inezingelosi zayo ezinamandla;
8Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;
9abayakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade basuke ebusweni beNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo;
10Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.
11Ngakho futhi siyanikhulekela njalo, ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabakufanelekele ukubizwa, agcwalise ngamandla onke okumthokozisayo okuhle, nomsebenzi wokukholwa;
12ukuze ibizo leNkosi yethu uJesu Kristu likhazinyuliswe kini, lani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu leNkosi uJesu Kristu.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseThesalonika 1: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo