2 kwabaseKorinte 9

9
2 kwabaseKorinte 9
1Ngokuba maqondana nokusiza abangcwele akusadingekile ukuba nginibhalele;
2Ngokuba ngiyakwazi ukushisekela kwenu, engizibonga ngakho ngani kwabaseMakedoniya, ukuthi i-Akhaya lalilungisile kwanyakenye; nokushisekela kwenu kucunule abaningi.
3Kepha ngithumile abazalwane, ukuze ukuzibonga kwethu ngani kube yize kulokhu; ukuze, njengokutsho kwami, libe selilungile;
4funa mhlawumbe uma abeMakedoniya beza kanye nami, banifumane ningakalungi, sijabhe thina (ukuba singasho nina) kulokhu kuziqhayisa ngakho.
5Ngakho-ke ngibone kudingekile ukuba ngikhuthaze abazalwane, ukuba bandulele ukuza kini, futhi balungise ngaphambili isipho senu enasiphawula ngaphambili, sona sibe silungisiwe, sibe njengesibusiso, kungabi njengesokuhaha.
6Kepha lokhu ngithi: Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana; nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
7Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.
8Futhi uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame; ukuze nihlale ninokwanela konke ezintweni zonke, nivame emisebenzini yonke emihle;
9njengokulotshiweyo ukuthi: “Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kumi phakade.
10Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu;
11licetshiswe ezintweni zonke kukho konke ukuphana, okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12Ngokuba ukukhonza kwalo kukhonza akugcwalisi ukuswela kwabangcwele kuphela, kodwa futhi kuvame ukubonga okuningi kuNkulunkulu;
13Ngobufakazi balokhu kukhonza bayakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthobela kwenu isivumo senu evangelini likaKristu, nangenxa yokupha kwenu ukuphana kwenu kubo nakubo bonke abantu;
14nangokukhuleka kwabo ngani, benilangazelela ngenxa yomusa omkhulu kaNkulunkulu phakathi kwenu.
15Akabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe esingakhulumekiyo.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 9: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo