1 kwabaseThesalonika 4

4
KwabaseThesalonika 1-4
1Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.
2Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.
3Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni;
4ukuze yilowo nalowo kini azi ukuthi angasiphatha kanjani isitsha sakhe ngobungcwele nangodumo;
5kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;
6ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
7Ngoba uNkulunkulu kasibizelanga ekungcoleni, kodwa ebungcweleni.
8Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.
9Kepha maqondana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nginilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundiswe nguNkulunkulu ukuba nithandane.
10Nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane kulo lonke elaseMakedoniya;
11nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;
12ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.
13Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
14Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
15Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
16Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
18Ngakho duduzanani ngalawamazwi.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseThesalonika 4: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo