1 kaPetru 3

3
1 kaPetru 3
1Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;
2bebona inkambo yenu emhlophe kanye nokwesaba.
3Ukuhloba kwenu makungabi ngokokwangaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokwembatha izingubo;
4Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
5Ngokuba endulo bazihlobisa nabesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo;
6njengoba nje uSara wamlalela uAbrahama embiza ngokuthi nkosi;
7Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.
8Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;
9ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.
10Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;
11Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele.
12Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.
13Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na?
14Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe;
15Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
16Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.
17Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka nenza okubi.
18Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
19Ngakho wahamba washumayela imimoya esetilongweni;
20Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.
21Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;
22Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaPetru 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo