1 kaJohane 2

2
1 kaJohane 2
1Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
2yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.
3Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.
4Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, neqiniso alikho kuye.
5Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.
6Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
7Bazalwane, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwa kwasekuqaleni.
8Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya.
9Lowo othi usekukhanyeni, kodwa ezonda umzalwane wakhe, usebumnyameni kuze kube manje.
10Lowo othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, njalo kakulasikhubekiso kuye.
11Kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.
12Ngiyalibhalela, bantwanyana, ngoba izono zenu zithethelelwe ngenxa yebizo lakhe.
13Ngiyanilobela bobaba, ngokuba nimazile okhona kwasekuqaleni. Ngiyanilobela, zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. Ngiyanilobela, bantwanyana, ngokuba nimazile uBaba.
14Ngililobele, bobaba, ngoba limazile yena okhona kusukela ekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, nezwi likaNkulunkulu lihlezi kini, nimnqobile omubi.
15Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye.
16Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.
17Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
18Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
19Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngoba uba babengabakithi, ngabe bahlala lathi;
20Kodwa nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, futhi niyazi zonke izinto.
21Kangilibhalelanga ngoba lingalazi iqiniso, kodwa ngoba lilazi, lokuthi kakulamanga avela eqinisweni.
22Ngubani ongumqambimanga ngaphandle kwalowo ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Ungumphikukristu, ophika uYise neNdodana.
23Ophika iNdodana akanaye uYise, kepha ovuma iNdodana unaye noYise.
24Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba.
25Yilesi isithembiso asithembisa sona: ukuphila okuphakade.
26Nginilobele lezi zinto ngabadukisayo.
27Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.
28Manje, bantwanyana, hlalani kuye; ukuze kuthi, nxa esebonakala, sibe lesibindi, singabi lenhloni phambi kwakhe ekufikeni kwakhe.
29Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi wonke owenza ukulunga uzelwe nguye.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaJohane 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo