KwabaseRoma 8:28-30
KwabaseRoma 8:28-30 ZUL20
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe. Ngokuba labo ayebazi phambilini, wabamisa kwaphambilini ukuba bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo kubazalwane abaningi; labo abamisile ngaphambilini, ubabizile futhi; labo ababizile, ubalungisisile futhi; labo abalungisisile, ubakhazimulisile futhi.







