KwabaseFiliphi 3:4-14

KwabaseFiliphi 3:4-14 ZUL20

nakuba bengingethembela enyameni. Uma kukhona ocabanga ukuthi unesizathu sokwethembela enyameni, mina ngineziningi. Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi. Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu. Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu, ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe, mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo. Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu.