INumeri 5:1-10

INumeri 5:1-10 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba babakhiphe enkanjini bonke abanochoko, nabo bonke abamfimfayo, nabangcoliswe wukuthinta abafileyo. Niyokhiphela ngaphandle kwenkambu abesilisa nabesifazane, ukuze bangalingcolisi inkambu engihlala kulo.” Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu; njengalokhu uSimakade ayekhulume noMose, benza kanjalo-ke abantu bakwa-Israyeli. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane benza isono esivame esintwini sonke, baphambuke kuSimakade, lowo muntu uyoba necala. Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile. Uma umuntu owoniweyo engenasihlobo okungakhokhwa kuso isinxephezelo, isinxephezelo esikhokhwa kuSimakade siyoba ngesomphristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayokwenzelwa ngayo ukubuyisana. Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abayoyinikela kumphristi, iyakuba ngeyakhe. Izinto zonke ezingcwele ziyakuba ngezakhe, nakho konke abayakukunikela kumphristi kuyokuba ngokwakhe.’ ”

Funda INumeri 5