NgokukaMathewu 18:10-22

NgokukaMathewu 18:10-22 ZUL20

Qaphelani ukuba ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: izingelosi zabo ezulwini zibubona njalo ubuso bukaBaba osezulwini. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.” “Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na? Kuthi lapho eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza kakhulu ngayo kunangalezi ezingama-99 ebezingadukile. Kanjalo-ke, akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane. “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile. Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe. “Ngiqinisile ngithi kini: noma yikuphi eniyakukubopha emhlabeni, kuyobe kuboshiwe ezulwini; nanoma yikuphi eniyakukukhulula emhlabeni, kuyobe kukhululiwe ezulwini. “Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini. “Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Kwase kusondela uPhethro, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kuze kube kangaki ngilokhu ngimthethelela na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kama-70 aphindwe kasikhombisa.