ISililo 3:21-25
ISililo 3:21-25 ZUL20
Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo.








