Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe. Kwathi sesiphumile isimemezelo senkosi, kwalethwa izintombi eziningi ekomkhulu eShushani, ukuba zibhekwe nguHegayi; no-Esteri walethwa esigodlweni ukuba azobhekwa nguHegayi owayengamele indlu yabesifazane. U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele. U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho. Nsuku zonke uMoridekhayi wayezidlisa satshanyana ngasesangweni lendlu yabesifazane, ukuze ahogele ukuthi uqhuba kanjani u-Esteri, nokuthi yini ezokwenzeka kuye.
Funda U-Esteri 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 2:7-11
4 Izinsuku
Indaba ka-Esteri ethinta inhliziyo, ehlolisiswe kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine, ifanekisela indlela uJesu azidela ngayo ukuze asikhulule. Nakuba igama likaNkulunkulu lingashiwongo kulencwadi, ubukhosi Bakhe phezu kwezehlakalo abunakuphikwa, futhi isibindi sika-Esteri nokuzidela kwakhe kubonisa uthando Lwakhe kanye nomsebenzi Wakhe wokuletha ithemba emhlabeni.
5 Days
Do you long to “make disciples who make disciples,” to follow Jesus’ mandate in the Great Commission (Matthew 28:18-20)? If so, you may have found that it can be difficult to find role models for this process. Whose example can you follow? What does disciplemaking look like in everyday life? Let’s look into the Old Testament to see how five men and women invested in others, Life-to-Life®.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo