Niyazi futhi ukuthi yilowo nalowo kini samphatha njengalokhu uyise ephatha abantwana bakhe; sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe. Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo. Ngokuba nina bazalwane nalingisa amabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKhristu uJesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokhu nawo ahlushwa ngabaJuda. Bona bayibulala iNkosi uJesu nabaphrofethi, basizingela nathi kanzima, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke, besivimbela ukuba sikhulume nabezizwe ukuze basindiswe. Ngalokho-ke bazinqwabela njalo izono zabo, kodwa ulaka selwehlele phezu kwabo ngokupheleleyo. Kepha thina bazalwane, besehlukanisiwe nani okwesikhashana, kodwa hhayi ngezinhliziyo, yingakho sikushisekele kakhulu ukuba sinibone, okuyikhona sikunxanele kakhulu. Ngakho-ke besithanda ukuza kini, impela mina Pawula, ngizame kaningana, kodwa uSathane wasivimbela. Ngokuba liyini ithemba lethu, ukuthokoza nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu ekufikeni kwakhe, uma kungeyini na? Nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.
Funda 1 KwabaseThesalonikha 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseThesalonikha 2:11-20
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo