Yilo umyalo enawuzwayo kwasekuqaleni wokuthi sithandane, kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile. Ningamangali bazalwane uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni. Umuntu ozonda umzalwane wakhe ungumbulali. Niyazi-ke ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade. Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane. Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangokukhuluma nje, kodwa makubonakale ngezenzo nangeqiniso.
Funda 1 KaJohane 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KaJohane 3:11-18
8 Days
As followers of Jesus we believe that God is love, but oftentimes our ability to love others is an extreme challenge. Maybe that’s because love isn’t just a feeling or a strong emotion. Love is a Person. Take a journey through 1 Corinthians 13 and discover the Person of love and how, through Him, we can better love others.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo