Njengokuba umzimba umunye, kodwa unezitho eziningi, nakuba izitho zonke zomzimba ziziningi, kepha zingumzimba munye, unjalo-ke noKhristu. Ngokuba thina sonke sabhabhadiswa ngaMoya munye, ukuba sibe mzimba munye, noma ngabe singabaJuda noma singamaGriki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; sonke saphuziswa Moya munye. Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi. Uma unyawo lungathi: “Ngenxa yokuba angisiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho aluyeki ukuba yisitho somzimba. Uma indlebe ithi: “Ngenxa yokuba angisilo iso, angiyiso isitho somzimba,” ayinakuyeka ngalokho ukuba yisitho somzimba. Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na? Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na? Nakuba izitho ziziningi, kodwa munye umzimba. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.” Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka; nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu. Kanti lezo ezibukeka zizinhle, azikudingi lokho. Kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, kwathi lezo ezidelelekile wazinika udumo olukhulu kakhulu, ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
Funda 1 KwabaseKhorinte 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KwabaseKhorinte 12:12-25
6 Days
Now, more than ever, we are faced with everyone’s life as they want it to be seen, and the comparison to our own lives stirs up envy. You do not want this spirit festering in you, but what about the damage envy causes when it is coming against you from another person? In this reading plan, you will discover how to overcome envy, safeguard your heart, and walk in freedom.
7 Days
Churches call them small groups, cell groups, and LifeGroups. Names aside, they exist to create meaningful relationships amongst Christ followers. But why? Are these the people we navigate our mostly comfortable Christian lives with, or is there something more? This Bible plan, by the Life.Church LifeGroups team, is for anyone who thinks God can use their small group to cause massive growth.
We all know our purpose in life is not wrapped up in accumulating possessions, wealth, power, and prestige--Jesus is very clear about that--but society tells us otherwise. Christian Minimalism attempts to cut through our assumptions and society's lies about what life should look like and invites readers into a life that Jesus calls us to live: one lived intentionally, free of physical, spiritual, and emotional clutter.
10 Days
Balance. It's what we long for in our lives as we hear shouts of "work harder!" in one ear, and whispers to "rest more" in the other. What if God's plan for us isn't just one way or the other? Enter holy hustle—a lifestyle of working hard and resting well in ways that honor God.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo