IsiHlabelelo seziHlabelelo 6

6
Abangane:
1 Othandiweyo wakho uyephi,
wena muhlekazi phakathi kwabesifazane;
ushonephi othandiweyo wakho
ukuba simfune kanye nawe na?
2 Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe,
ezindimeni zamakha,
ukuba aluse ensimini,
akhe iminduze.
Umakoti:
3 Mina ngingowothandiweyo wami,
nothandiweyo wami ungowami,
lapho alusa phakathi kweminduze.
Umyeni ubabaza umakoti wakhe
4 Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa,
umnandi njengeJerusalema,
kepha wesabeka njengezimpi.
5Susa amehlo akho kimi,
ngokuba ayangiphaphathekisa;
izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi
owehla entabeni yakwaGileyadi.
6Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi
ezikhuphuka zigeziwe,
zinamawele zonke,
kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*
emva kwemvakazi yakho.
8 Amakhosikazi angamashumi ayisithupha,
nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili,
nezintombi azinakubalwa.
9Kepha ijuba lami,
opheleleyo wami munye nje;
ungoyedwa kunina,
ungokhethiweyo wakhe owamzalayo.
Amantombazana ayambona,
athi ubusisiwe;
amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
Abangane:
10 Ngubani lo olunguza njengokusa,
emuhle njengenyanga,
ecwebile njengelanga,
kepha esabeka njengezimpi, na?
Umnyeni:
11Ngehlela ensimini yamantongomane
ukuyobona uhlaza lwesigodi,
nokubona uma imivini iqhakazile,
namapomegranati* uma ekhahlele.
12Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka
enqoleni yabantu benkosana yami.
Abangane:
13Phenduka, phenduka, mShulamiti!
Phenduka, phenduka ukuba sikubuke!
Umnyeni:
Nibonani kumShulamiti?
Kunjengokusina kwaseMahanayimi.

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo