KwabaseRoma 12:9-21

KwabaseRoma 12:9-21 ZUL59

Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle; thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi. Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi. Kepha: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.” Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Isithombe sevesi sika- KwabaseRoma 12:9-21

KwabaseRoma 12:9-21 - Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle; thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi. Kepha:

“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;
uma somile, siphuzise,
ngokuba ngokwenza lokho
uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”

Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 12:9-21