KwabaseRoma 12

12
Ukuhamba okungcwele
1 Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; 2 ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
Ukuthobeka
3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa. 4 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, 5 kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. 6 Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa; 7 uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni, 8 oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.
Uthando nokuphathana kahle
9 Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle; 10 thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; 11 ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; 12 ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; 13 hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14 Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. 15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. 16 Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi. 20 Kepha:
“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;
uma somile, siphuzise,
ngokuba ngokwenza lokho
uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
21 Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 12: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo