AmaHubo 82

82
UNkulunkulu ungumahluleli oyenayena
Ihubo lika-Asafa.
1UNkulunkulu umi emhlanganweni wawonkulunkulu;
uyahlulela phakathi kwawonkulunkulu.
2Koze kube nini nahlulela ngokungalungile
nikhetha ubuso bababi na? Sela*
3 Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo.
4Khululani oswelayo nompofu,
nibophule esandleni sababi.
5 Abanakwazi, abanakuqonda,
bahamba ebumnyameni;
izisekelo zonke zomhlaba ziyazamazama.
6 Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina,”
nonke ningamadodana oPhezukonke.
7 Kanti nokho niyakufa njengabantu nje,
niwe njengesinye sezikhulu.
8Vuka, Nkulunkulu,
wahlulele umhlaba,
ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 82: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo