IzAga 2

2
Isibusiso sokuhlakanipha
1Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami,
uzibekelele imiyalo yami,
2ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni,
uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho,
3 yebo, uma ukhala ngengqondo,
uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,
4uma ukufuna njengesiliva,
ukuphenya njengamagugu afihliweyo,
5khona uyakuqonda ukumesaba uJehova,
ufumane ukumazi uNkulunkulu.
6 Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
7Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala,
8 egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
9Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle.
10Ngokuba ukuhlakanipha
kuyakungena enhliziyweni yakho,
ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.
11Amasu ayakukulinda,
ukuqonda kukugcine,
12ukuze wophulwe endleleni yobubi
nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,
13abashiya imikhondo yobuqotho,
ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;
14abathokoza ngokwenza okubi,
bajabulele ukuphambana kobubi;
15abazindlela zabo ziyisigwegwe,
nemikhondo yabo iphambene,
16 ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo
nakuye owezizwe onamazwi athophayo,
17oshiya umngane wobusha bakhe,
akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,
18 ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni,
nasezithunzini izindlela zakhe.
19Bonke abangena kuye ababuyi,
bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.
20Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle,
ugcine imikhondo yabalungileyo.
21 Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni,
abapheleleyo basale kulo.
22 Kepha ababi bayakunqunywa ezweni,
nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.

Okuqokiwe okwamanje:

IzAga 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo