NgokukaMarku 2

2
UJesu uphilisa umuntu ofe uhlangothi. Ukubizwa kukaLevi
(Math. 9:1; Luk. 5:17)
1Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini. 2Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo. 3Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane. 4Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi. 5UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Ndodana, uthethelelwe izono zakho.”
6Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi: 7 “Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”
8UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na? 9Yikuphi okulula ukuthi kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe,’ na? 10Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono” – wathi kofe uhlangothi – 11“ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 12Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asizange sikubone okunje.”
13Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa. 14Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.
15Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. 16Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”
17 UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
Ukuzila ukudla
(Math. 9:14; 12:1; Luk. 5:33)
18Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?”
19UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. 20Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. 21Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. 22Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
UJesu uchachisa umyalelo wesabatha
(Math. 12:1; Luk. 6:1)
23Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. 24 Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?”
25 Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye 26 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”
27Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. 28Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMarku 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo