Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho. Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha. Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa. Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo. Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho. Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe. Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
Funda UMika 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UMika 7:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo