NgokukaMathewu 7:24-25
NgokukaMathewu 7:24-25 ZUL59
“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.







