NgokukaMathewu 28:16-20
NgokukaMathewu 28:16-20 ZUL59
Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona; sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza. UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”





