UMalaki 1

1
Uthando lukaJehova ku-Israyeli
1Isiprofetho.
Izwi likaJehova ku-Israyeli ngesandla sikaMalaki.
2 “Nginithandile,” usho uJehova.
“Nokho nithi: ‘Usithande kanjani na?’
“U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” usho uJehova. “Ngamthanda uJakobe, 3 kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”
4Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade. 5Amehlo enu ayakukubona, bese nithi: ‘UJehova uyakuba mkhulu, kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli.’
UJehova uyadelelwa
6 “Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.”
Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”
7“Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami.”
Bese nithi: “Sikungcolise ngani na?”
“Ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula likaJehova lidelelekile.’ 8 Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
9“Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na?” usho uJehova Sebawoti.
10 “Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu. 11 Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.
12“Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.’ 13Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova. 14“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMalaki 1: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo