UJoshuwa 4

4
Amatshe ezikhumbuzo eGiligali naseJordani
1Kwathi lapho isizwe sonke sesiwele iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 2 “Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe, 3niwayale nithi: ‘Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile, amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.’ ”
4UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe. 5UJoshuwa wathi kuwo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu, niye phakathi kweJordani, netshathe, kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli 6 ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’ 7 anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”
8Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJoshuwa ebayalile, bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa, njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona. 9UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.
10Abapristi abathwala umphongolo babemi phakathi neJordani, kwaze kwaphelela konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu njengakho konke uMose abemyale ngakho uJoshuwa; abantu bashesha bawela. 11Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu. 12 Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo; 13kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.
14 Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.
15UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 16“Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”
17UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”
18 Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.
19Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko. 20Lawo matshe ayishumi nambili abawakhipha eJordani wawamisa eGiligali. 21Wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nxa abantwana benu beyakubuza oyise ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe na?’ 22anobazisa abantwana benu, nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomileyo,’ 23 ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu wawamisa amanzi aseJordani phambi kwenu, naze nawela, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu wenza eLwandle Olubomvu, alomisa phambi kwethu, saze sawela, 24ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 4: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo