UJeremiya 10

10
Ubuze bokukhonza izithombe
1Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli. 2 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ningayifundi indlela yabezizwe,
ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini,
ngokuba abezizwe bezesaba.
3 Ngokuba imikhuba yabantu iyize,
lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;
ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.
4Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,
bawubethela ngezipikili nangezando
ukuba ungazamazami.
5 Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;
uyathwalwa nokuthwalwa,
ngokuba awuhambi.
Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,
nokuhle awunakukwenza.”
6 Akakho onjengawe Jehova;
umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.
7 Ngubani ongekwesabe,
Nkosi yezizwe,
ngokuba uyimfanelo yakho,
ngokuba phakathi kwabo bonke
abahlakaniphileyo bezizwe
nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.
8 Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;
ngukulaya kwezithombe;
kungumuthi nje,
9 nezingcwecwe zesiliva
ezilethwe zivela eTharishishi
negolide lase-Ofiri,
umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,
kugqokiswe okuluhlaza nokububende,
kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.
10 Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,
unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;
ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,
izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.
11“Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”
12 Wawenza umhlaba ngamandla akhe,
walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,
ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
13 Lapho elizwakalisa izwi lakhe,
kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;
uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,
enzele imvula unyazi,
awukhiphe umoya endlini yengcebo.
14 Bonke abantu bayiziphukuphuku,
abanakwazi;
bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,
ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,
nomoya awukho kuzo.
15Ziyize, umsebenzi wenkohliso;
ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
16 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,
ngokuba nguye obumbile konke;
u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,
nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Ukumenyezelwa kokuthunjwa
17Qoqa umshuqulo wakho ezweni
wena ohlezi ekuvinjezelweni.
18Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:
“Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo
ezweni ngalo mzuzwana,
ngibacindezele ukuze bakuzwe.”
19 Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!
Ukushaywa kwami kunzima.
Kepha ngithi mina:
“Nempela lokhu kulusizi lwami,
ngiyakuluthwala.”
20Itende lami lichithakele,
zonke izintambo zami zigqabukile;
abantwana bami basukile kimi,
kabasekho;
kasekho owokwelula itende lami
nowokumisa izilenge zami.
21 Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,
abamfunanga uJehova;
ngalokho abaphumelelanga,
nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.
22 Bheka, kusondela izwi lombiko,
nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho,
ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo,
indawo yokuhlala kwamakhanka.
23 Ngiyazi, Jehova,
ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo;
akukuyo indoda ukuba ihambe,
iqondise izinyathelo zayo.
24 Ngilaye, Jehova,
kepha ngokwahlulela,
kungabi ngentukuthelo yakho,
funa ungenze into engelutho.
25 Thulula ukufutheka kwakho phezu
kwabezizwe abangakwaziyo
naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho,
ngokuba bamdlile uJakobe;
yebo, bamdlile bamqeda,
balichitha ikhaya lakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 10: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo