U-Isaya 24

24
Ukwahlulelwa kwezwe
1 Bheka, uJehova wenza ize umhlaba, awuchithe,
agumbuqele ubuso bawo,
ahlakaze abakhileyo kuwo.
2 Kuyakuthi njengakubantu kube njalo kumpristi,
nanjengasencekwini kube njalo enkosini yayo,
nanjengasencekukazini kube njalo enkosikazini yayo,
nanjengakumthengi kube njalo kumthengisi,
nanjengakotshelekayo kube njalo kobolekayo,
nanjengakobiza inzalo kube njalo kokhokha inzalo.
3Umhlaba uyakuba yize leze,
uphangwe nokuphangwa,
ngokuba uJehova ukhulumile izwi lakhe.
4 Umhlaba uyalila, ubune;
izwe liyaphela amandla, linyamalale,
abaphakemeyo bomhlaba badangale.
5Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo,
ngokuba beqile imithetho,
badlulile ezimisweni,
baphulile isivumelwano esiphakade.
6 Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,
nabakhileyo kuwo batholiswa icala;
ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,
kusale abantu abayingcosana nje.
7Iwayini elisha liyalila,
umvini uyahhuma,
bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.
8 Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,
ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,
nenjabulo yehabhu* ikhawukile.
9Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;
uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.
10Umuzi oyihlane ubhidliziwe;
zonke izindlu zivaliwe
ukuba kungangeni muntu.
11Kukhalwa ngewayini ezitaladini;
yonke intokozo inyamalele;
injabulo yezwe idlulile.
12Emzini kusele incithakalo;
isango livithiziwe, lachithwa.
13 Ngokuba kuyakuba njalo emhlabeni phakathi kwabantu,
njengokushaywa kweminqumo
nanjengokukhothoza,
lapho sekuvuniwe.
14Laba bayaphakamisa izwi labo, bamemeze;
bajabula ngobukhosi bukaJehova entshonalanga.
15Ngalokho mdumiseni uJehova empumalanga,
nasogwini lolwandle
igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
16Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba, athi:
“Udumo malube koLungileyo!”
Kepha mina ngithi: “Ngifile, ngifile!
Maye kimi!”
Abakhohlisi bakhohlisile,
yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.
17 Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakho
wena owakhileyo emhlabeni.
18 Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba
awele emgodini;
okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe,
ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe,
nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.
19Umhlaba uyaphuka nokwaphuka,
umhlaba uyavithizwa nokuvithizwa,
umhlaba uyazanyazanyiswa nokuzanyazanyiswa.
20Umhlaba uyatengezela nokutengezela njengesidakwa,
uyantengantenga njengexhiba;
isiphambeko siyakuba nzima phezu kwawo,
uwe, ungabe usavuka futhi.
21Kuyakuthi ngalolo suku uJehova ahambele
ibandla lasezulwini phezulu,
namakhosi omhlaba emhlabeni.
22Bayakubuthelwa ndawonye
njengeziboshwa zibuthelwa emgodini,
bavalelwe etilongweni,
bajeziswe emva kwezinsuku eziningi.
23 Inyanga ekhazimulayo isiyakuyangaza,
nelanga elinkemuzelayo liyakujabha,
ngokuba uJehova Sebawoti uyakuba yinkosi
entabeni yaseSiyoni naseJerusalema,
abe yinkazimulo phambi kwamalunga akhe.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 24: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo