1 kuThimothewu 2

2
Imithetho yenkonzo yebandla
1 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke, 2 amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo. 3 Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu 4 othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 5 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, 6 owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso, 7 engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli – ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga – yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
8 Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
Maqondana nabesifazane ebandleni
9 Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele,* nangezambatho ezinemali eningi, 10kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
11 Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke. 12Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele. 13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva. 14 Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka; 15kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kuThimothewu 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo